Iyini Inkondlo?

Iyini Inkondlo?

Iyini Inkondlo?

  • Inkondlo iyindaba exoxwayo kusetshenziswa ulimi lobunkondlo.
  • Ingumbhalo omfushane noma omude lapho imbongi isuke yeneka khona imizwa, imicabango, imibono yayo ngento, ngomuntu, ngendawo, isimo esithile, ngenkolo, ngamasiko, ngemfundo njl.
  • Umbhalo wobunkondlo ubekwa ngolimi olunkondlozayo. Umyalezo wembongi ubekwa ngamabinza.

Isakhiwo Sangaphandle (Ukubumbeka Kwenkondlo)

Isakhiwo Sangaphakathi

Isakhiwo SangaphandleIsakhiwo Sangaphakathi
AmabinzaIndikimba
Imigqa (ivulekile, ivalekile, mide, mifushane)Umqondo wenkondlo (ocashile nosobala)
Izimpawu zokulobaUmoya wenkondlo
UkuxhumanaIthoni
ImvumelwanoImifanekisomqondo
Isizura/IsikhawuIsigqi
ImpindwaIzinzwa
UkuphindaphindaUkukhethwa kwamagama
I enjambamentiIzifengqo
IfanamsindoImpindamqondo
Uhlobo lwenkondloUmyalezo
ImpindamqondoIfuzamsindo

Izinhlobo Zezinkondlo

UhloboIncazelo
IlirikhiUhlobo lwenkondlo umbhali usuke edlulisa imizwa kanye nemicabango yakhe.
IsonethiYakhiwa yaba mfushane ngoba iba inkondlo ephelele evamise ukuba nemigqa eyi 14.
IsathayaUmbhali usuke egxeka ubuthakathaka obuthile, amaphutha noma izigameko ezenziwa umuntu othile.
Inkondlo ElandisayoLolu hlobo lwenkondlo luba indaba exoxwayo eba nesingeniso, umzimba kanye nesiphetho.
IephikhiLena inkondlo eyindida. Kusuke kubhalwe ngento ephicayo, engaqondakali kahle noma exakayo.
Izibongo zesimanjeInkondlo eveza umlando, ubuqhawe, amagalelo, ukuhlabana, amagugu, njl.
Umbhali walolu hlobo uvamise ukubhala izibongo.

Amasu Ongawasebenzisa Ukuphendula Imibuzo Ngosuku Lokuhlolwa

  • Ngaphambi kokuphendula isiqephu A ephepheni, fundisisa imbuzo yezinkondlo emide kanye nemibuzo emifushane.
  • Qhathanisa imibuzo emifushane nomude ukuze ukhethe ongawuphendula kangcono kunomunye.
  • Fundisisa umbuzo owukhethile udwebele amagama awumongo wombuzo ukuze uphendule okulindelekile embuzweni.
  • Bhala amaphuzu angamalungiselelo azokulekelela ukuphendula kahle umbuzo owukhethile.
  • Hlela impendulo yakho ngale ndlela:
    • Isingeniso: Chaza umbuzo usebenzisa amagama awumongo wombuzo.
    • Yamanisa amagama awumongo wombuzo nolwazi lwenkondlo.
    • Umzimba: Phendula umbuzo wesekela ngolwazi olutholakala enkondlweni ebuziwe. Hlela impendulo yakho ngokwezigaba ezinikezelanayo.
    • Isiphetho: Songa impendulo ngokubhala uvo/umbono wakho uhambisane namaphuzu esingeniso kanye nomzimba.
See also  Ukubhala Umbiko (Iriphothi) - Isibonelo sombiko

Ukuhleleka Kwemibuzo

  • Imibuzo yephepha ihleleke ngamazinga amathathu:
    • Imibuzo elula/esobala:
      • Ukuhlela kabusha
    • Imibuzo ephakathi/esendimeni:
    • Imibuzo ethe thuthu (20%):
      • Ukuhlolisisa
      • Ukuncoma

Leave a comment