Iyini Inkondlo?
Iyini Inkondlo?
Iyini Inkondlo?
- Inkondlo iyindaba exoxwayo kusetshenziswa ulimi lobunkondlo.
- Ingumbhalo omfushane noma omude lapho imbongi isuke yeneka khona imizwa, imicabango, imibono yayo ngento, ngomuntu, ngendawo, isimo esithile, ngenkolo, ngamasiko, ngemfundo njl.
- Umbhalo wobunkondlo ubekwa ngolimi olunkondlozayo. Umyalezo wembongi ubekwa ngamabinza.
Isakhiwo Sangaphandle (Ukubumbeka Kwenkondlo)
Isakhiwo Sangaphakathi
| Isakhiwo Sangaphandle | Isakhiwo Sangaphakathi |
|---|---|
| Amabinza | Indikimba |
| Imigqa (ivulekile, ivalekile, mide, mifushane) | Umqondo wenkondlo (ocashile nosobala) |
| Izimpawu zokuloba | Umoya wenkondlo |
| Ukuxhumana | Ithoni |
| Imvumelwano | Imifanekisomqondo |
| Isizura/Isikhawu | Isigqi |
| Impindwa | Izinzwa |
| Ukuphindaphinda | Ukukhethwa kwamagama |
| I enjambamenti | Izifengqo |
| Ifanamsindo | Impindamqondo |
| Uhlobo lwenkondlo | Umyalezo |
| Impindamqondo | Ifuzamsindo |
Izinhlobo Zezinkondlo
| Uhlobo | Incazelo |
|---|---|
| Ilirikhi | Uhlobo lwenkondlo umbhali usuke edlulisa imizwa kanye nemicabango yakhe. |
| Isonethi | Yakhiwa yaba mfushane ngoba iba inkondlo ephelele evamise ukuba nemigqa eyi 14. |
| Isathaya | Umbhali usuke egxeka ubuthakathaka obuthile, amaphutha noma izigameko ezenziwa umuntu othile. |
| Inkondlo Elandisayo | Lolu hlobo lwenkondlo luba indaba exoxwayo eba nesingeniso, umzimba kanye nesiphetho. |
| Iephikhi | Lena inkondlo eyindida. Kusuke kubhalwe ngento ephicayo, engaqondakali kahle noma exakayo. |
| Izibongo zesimanje | Inkondlo eveza umlando, ubuqhawe, amagalelo, ukuhlabana, amagugu, njl. |
| Umbhali walolu hlobo uvamise ukubhala izibongo. |
Amasu Ongawasebenzisa Ukuphendula Imibuzo Ngosuku Lokuhlolwa
- Ngaphambi kokuphendula isiqephu A ephepheni, fundisisa imbuzo yezinkondlo emide kanye nemibuzo emifushane.
- Qhathanisa imibuzo emifushane nomude ukuze ukhethe ongawuphendula kangcono kunomunye.
- Fundisisa umbuzo owukhethile udwebele amagama awumongo wombuzo ukuze uphendule okulindelekile embuzweni.
- Bhala amaphuzu angamalungiselelo azokulekelela ukuphendula kahle umbuzo owukhethile.
- Hlela impendulo yakho ngale ndlela:
- Isingeniso: Chaza umbuzo usebenzisa amagama awumongo wombuzo.
- Yamanisa amagama awumongo wombuzo nolwazi lwenkondlo.
- Umzimba: Phendula umbuzo wesekela ngolwazi olutholakala enkondlweni ebuziwe. Hlela impendulo yakho ngokwezigaba ezinikezelanayo.
- Isiphetho: Songa impendulo ngokubhala uvo/umbono wakho uhambisane namaphuzu esingeniso kanye nomzimba.
Ukuhleleka Kwemibuzo
- Imibuzo yephepha ihleleke ngamazinga amathathu:
- Imibuzo elula/esobala:
- Ukuhlela kabusha
- Imibuzo ephakathi/esendimeni:
- Imibuzo ethe thuthu (20%):
- Ukuhlolisisa
- Ukuncoma
- Imibuzo elula/esobala:
