Yini Indaba Emfushane?

Yini Indaba Emfushane?

Indaba emfushane yingxoxo eyethula udaba, zisuka-nje ngesivinini iqonde kuvuthondaba, inabalingiswa abambalwa abangeqile kwabahlanu.

  • Imvamisa indaba emfushane iba nomlingiswa oqavile. Lo mlingiswa wethulwa ekuqaleni kanye nenkinga abhekene nayo.
  • Kuye kuncomeke ukuthi indaba emfushane ibe namakhasi amahlanu kuya kwayishumi.

AMASU OBUCIKO

Bheka nanka amasu endaba emfushane angezansi azosiza abafundi bakho ekuqondeni kangcono indaba emfushane ngamafuphi:

  1. Isingeniso
  2. Ukuqoqeka kwesikhathi nendawo
  3. Ukuqoqeka kwabalingiswa
  4. Isiphetho

ISINGENISO

  • Uma uhluza indaba emfushane, ubheka ukuthi umbhali wendaba uyamethula yini umlingiswa oqavile/osemqoka kanye nenkinga abhekene nayo/nesisusa sodweshu. Okunye okumele kuvele ngokusobala esingenisweni isizinda: indawo lapho indaba yenzeka khona kanye nesikhathi eyenzeka ngaso.

UKUQOQEKA KWESIKHATHI NENDAWO

  • Indaba emfushane kumele yenzeke endaweni eyodwa, ingagcogcomi ishintshe izindawo. Kumele futhi yenzeke ngesikhathi esifushane, ingathathi isikhathi eside kakhulu ingapheli. Kumele ibe izinsuku noma amasonto ambalwa, ingaze ithathe inyanga yonke noma ngaphezulu.

UKUQOQEKA KWABALINGISWA

  • Okubalulekile lapha ukubheka ukuthi umbhali uwulandelile yini umgomo omayelana nokuqoqeka kwabalingiswa endabeni emfushane. Indaba emfushane kumele ibe nabalingiswa abangeqile kwabahlanu.

ISIPHETHO

  • Isiphetho sendaba emfushane kumele siveze isixazululo senkinga ebhekene nomlingiswa osemqoka evezwe esingenisweni. Isiphetho akumele sibe side, abanye ababhali bayasenza sibe umusho owodwa kuphela emva kovuthondaba. Indaba ebhaleke kahle iye ibe nesiphetho esingalindelekile, esimangazayo kulowo oyifundayo. Lokhu kubizwa ngokuthi ‘ingwijikhwebu’. Indaba enhle nemnandi iba nengwijikhwebu ekugcineni. Kubalulekile futhi ukuthi isiphetho sendaba sihambisane nesihloko sendaba, ukuze indaba ihlabe umxhwele koyifundayo.

Leave a comment